1 IsiHlabelelo seziNyanga. Ngiyakuphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luvelaphi.
2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.
3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lunyakaze;
4 Bheka, ogcina u-Israyeli akozeli, akalali;
5 UJehova ungumlondolozi wakho, uJehova ungumthunzi wakho ngakwesokunene sakho.
6 Ilanga aliyikukushaya emini, nenyanga ebusuku.
7 UJehova uyakukulondoloza kukho konke okubi, uyakulondoloza umphefumulo wakho.
8 UJehova uyakukulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.
Kubuyekezwe ngo-
Eph 9, 2024